IMpikiswano eNkulu Project 2.0
Hlanganyela kulomsebenzi wokusatshalaliswa kwezigidi zalencwadi ngonyaka ka-2023 nango-2024 ukulungiselela ukubuya kukaJesu.
Ellen G. White
Umsunguli webandla lama-Seventh Day Adventist
Nginesifiso esikhulu sokubona lencwadi idluliswa isabalaliswa kunazo zonke ezinye... ngoba kulencwadi IMpikiswano eNkulu, umyalezo wokugcina oyisexwayiso kubantu emhlabeni unikezwe wabekwa ngokucace kakhulu kunakwezinye zezincwadi zami.
Downloads
Languages
Ted N. C. Wilson
UMongameli webandla lama-Seventh Day Adventist
Ted N. C. Wilson
UMongameli webandla lama-Seventh Day Adventist
Indlela yokubamba iqhaza
Step
Yethula iProject kwi-Church Board
Step
Khetha Indawo Ozofinyelela Kuyo
Step
Faka i-oda
Step
Sabalalisa izincwadi
INkosi yakufaka kimi ukuthi ngibhale lencwadi ukuze idluliswe isatshalaliswe emhlabeni wonke jikelele ngaphandle kokuchitha isikhathi, ngoba iqukethe izexwayiso ezibalulekile nezidingakalayo ukulungiselela abantu ukuze bame baqine ngokuphelele ngosuku lokubuya kweNkosi.
ELLEN G. WHITE, MANUSCRIPT 24, 1891
Dawnloda IMpikiswano eNkulu Nezinsiza Eziwusizo
Isifingqo
Uma ubuka ngokwakho isimo somhlaba siya ngokuya siba ngcono okanye siba sibi kakhulu kunakuqala? Akuthusi nokho ukuthi iningi labantu namhlanje likholwa wukuthi isimo somhlaba siya ngokuya siba sibi kakhulu kunakuqala. Mhlawumbe imbangela yalendlela yokubuka okulahlisa ithemba emhlabeni jikelele kungukuthi ngapha nangapha sibona futhi sizwe izindaba ezimbi zodwa, noma mhlawumbe ngandlelathize ngaphakathi kithi kukhona okusitshela ulwazi oluyiqiniso elimangalisayo nelinzulu esilethulelwa emsukeni walencwadi: Kukhulu okonakele okungahambi kahle emhlabeni wethu nesingenawo namandla okukuxazulula sikulungise.
IMpikiswano eNkulu ayivezi nje kuphela umsuka wokuthi sonakale sadicileka kanjani phansi isimilo somuntu, kodwa iphinde iveze umzabalazo omkhulu ohambisana nokuzama ukudlubulundela ezimweni ezinjengobhubhane nezimo ezinye ezinzima, eziyingozi futhi ezesabisa izimpilo zethu, inkohlakalo nokungathembeki kwabaphethe abanamandla kanye nokufa kwabantu ngezinkumbi, ukubulalana nokucekelana phansi okubi. Kulencwadi enhle ngokumangalisayo uzothola ukuthi kukhona ongale kobubi bonke obukhona nongumnikazi wabo, ubuhle nabo buneQhawe elehlula wonke amanye, kanti futhi isono sinesiphetho ngoba sizonqotshwa. Uma ufuna ukulungiselela isiphetho salomhlaba kanye nomhlaba ozayo ozobe ukhazimula, funda lencwadi.
Ulimi:
Okudawnlodwe kakhulu